Luka 4:14-19

Luka 4:14-19 CZB24

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi. Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke. Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi. UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo; ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi.

Funda Luka 4

Ividiyo ye- Luka 4:14-19

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 4:14-19