Kwabase-Efesu 5:1-5

Kwabase-Efesu 5:1-5 CZB24

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo; nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi. Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele; namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga. Ngokuba niyakwazi lokhu, ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 5:1-5