Johane 4

4
Johane 4
1Ngakho iNkosi isibonile ukuthi abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu wenza ebhabhathize abafundi abanengi kuloJohane,
2(Lanxa uJesu ngokwakhe engabhabhathizanga, kodwa abafundi bakhe,)
3Wasuka eJudiya, wabuye wamuka, waya eGalile.
4Kwakumele adabule eSamariya.
5Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
6Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7Kwafika owesifazane waseSamariya ukuzokukha amanzi; uJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.
8(Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.)
9Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya.
10UJesu waphendula wathi kuye: Uba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, lokuthi ngubani othi kuwe: Nginathisa; ubuyakucela kuye, yena ubeyakukunika amanzi aphilayo.
11Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, kawunalutho lokukha, nomthombo ujulile; uwathathephi lawo manzi aphilayo na?
12Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?
13UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;
14Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
15Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi, ukuze ngingomi, futhi ngingezi ukuzokha lapha.
16UJesu wathi kuye: “Hamba, ubize indoda yakho, uze lapha.
17Owesifazana waphendula wathi: Kangilandoda. UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: Anginandoda;
18Ngokuba ubunamadoda amahlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho;
19Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.
20Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.
21UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.
22Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.
23Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
24UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bamelwe ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
25Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu;
26UJesu wathi kuye: Mina engikhuluma lawe nginguye.
27Ngalokho bafika abafundi bakhe, bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; kumbe: Ukhulumelani laye?
28Owesifazana washiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi ebantwini:
29Wozani, libone umuntu, ongitshele konke engakwenzayo; lo kayisuye uKristu yini?
30Basebephuma emzini, beza kuye.
31Kusenjalo abafundi bakhe bamncenga, besithi: Rabi, yidla.
32Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.
33Ngakho abafundi bakhulumisana besithi: Kambe ukhona omlethele ukudla?
34UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.
35Anisho yini ukuthi: Kusasele izinyanga ezine, kufike ukuvuna na? bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibuke amasimu; ngoba asemhlophe alungele ukuvunwa.
36Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
37Lalokhu liqinisile ilizwi elithi: Omunye uyahlanyela, lomunye uyavuna.
38Mina ngalithuma ukuvuna lokho eningakusebenzelanga;
39Abaningi kumaSamariya akulowo muzi bakholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.
40Kwathi esefikile kuye amaSamariya amncenga ukuthi ahlale lawo; wasehlala khona insuku ezimbili.
41Abaningi abengeziwe bakholwa ngenxa yezwi lakhe;
42Base bethi kowesifazane: “Manje asisakholwa ngenxa yokusho kwakho, ngokuba sizizwile thina ngokwethu, siyazi ukuthi ngempela lo unguMsindisi womhlaba uKristu.
43Kwathi emva kwezinsuku ezimbili wamuka lapho, waya eGalile.
44Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kadunyiswa ezweni lakubo.
45Kuthe esefikile eGalile, abaseGalile bamamukela, sebebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini, ngokuba nabo babeyile emkhosini.
46UJesu wabuye weza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi aba yiwayini. Kwakukhona induna ethile, indodana yayo yayigula eKapernawume.
47Lathi selizwile ukuthi uJesu usefikile eGalili evela eJudiya, laya kuye, lamncenga ukuthi ehle, asilise indodana yakhe, ngoba yayisigulela ukufa.
48Khona uJesu wathi kuye: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa;
49Isikhulu sathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.
50UJesu wathi kuye: “Hamba; indodana yakho iyaphila. Indoda yakholwa yizwi uJesu alishilo kuye, yahamba.
51Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zamtshela ukuthi: “Indodana yakho iphilile.
52Wasebabuza ihola aqale ngalo ukululama. Basebesithi kuye: Izolo ngehola lesikhombisa umkhuhlane umyekele.
53Wasekwazi uyise ukuthi yisona leso sikhathi uJesu asho ngaso kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
54Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza ephuma eJudiya, efika eGalile.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 4: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo