Johane 3

3
Johane 3
1Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda;
2Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.
3UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.
4UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?
5UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.
6Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.
7Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.
8Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya.
9UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na?
10UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na?
11Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.
12Uma nginitshelile okusemhlabeni, ningakholwa, niyakukholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na?
13Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.
14Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;
15ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
16Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
17Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.
18Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.
19Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.
20Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa.
21Kodwa owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
22Emva kwalokho uJesu nabafundi bakhe baya ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza.
23Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.
24Ngokuba uJohane wayengakaphonswa etilongweni.
25Kwase kuba khona ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.
26Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye, bheka, yena uyabhapathiza, futhi bonke beza kuye.
27UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.
28Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: Angisuye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.
29Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.
30Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe.
31Ovela phezulu uphezu kwabo bonke; ongowomhlaba ungowomhlaba, futhi ukhuluma okomhlaba;
32Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.
33Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.
34Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.
35UYise uyayithanda iNdodana, njalo unikele zonke izinto esandleni sayo.
36Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo