EkaJokobe 3

3
EkaJokobe 3
1Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.
2Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.
3Bheka, sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuba asilalele; futhi sijika umzimba wabo wonke.
4Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona.
5Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!
6nolimi lungumlilo, izwe lokungalungi, lunjalo nolimi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke, luthungela inkambo yemvelo; futhi uthungelwa umlilo wesihogo.
7Ngoba yonke inhlobo yezilwane, leyezinyoni, leyezinyoka, leyaselwandle, iyathanjisiwe, njalo isithanjisiwe ngabantu;
8Kodwa ulimi kakho ongaluthambisa; buyibubi obungalawuleki, bugcwele ubuthi obubulalayo.
9Ngalo siyambonga uNkulunkulu uBaba; futhi ngalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
10Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo.
11Umthombo uyaphuma yini endaweni eyodwa amanzi amnandi ababayo na?
12Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi.
13Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.
14Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga.
15Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.
16Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi.
17Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.
18Lesithelo sokulunga sihlanyelwa ekuthuleni kulabo abenza ukuthula.

Okuqokiwe okwamanje:

EkaJokobe 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo