EkaJokobe 2

2
EkaJokobe 2
1Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu.
2Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile;
3Nimhlonipha owembethe ingubo ewubukhazikhazi, nithi kuye: “Hlala wena lapha endaweni enhle; nithi kwabampofu: ‘Yima wena lapho, noma uhlale lapha phansi kwesenabelo sezinyawo zami;
4Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na?
5Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?
6Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?
7Abahlambalazi yini igama elihle enibizwa ngalo na?
8Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;
9Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
10Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke;
11Ngoba owathi: Ungafebi, wathi futhi: Ungabulali. Kepha uma ungafebi, kepha ubulala, useqamthetho.
12Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
13Ngokuba ukwahlulela okungenasihawu uyakuba nomusa; nesihawu siyathokoza ekwahlulelweni.
14Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na?
15Uma umzalwane noma udade behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,
16Omunye wenu wathi kubo: Hambani ngokuthula, lifudumale, lisuthe; kodwa anibaniki izinto ezidingekayo emzimbeni; kusizani?
17Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa.
18Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami.
19Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
20Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile?
21U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na?
22Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukholo lwapheleliswa ngemisebenzi?
23Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.
24Niyabona-ke ukuthi umuntu ulungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.
25Ngokunjalo noRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi, esezamukele izithunywa, esezikhiphe ngenye indlela?
26Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

Okuqokiwe okwamanje:

EkaJokobe 2: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo