Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni, ukuze izwi leNkosi lihambe ngokukhululekile, futhi likhazinyuliswe, njengoba kunjalo nakini. nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke. Kodwa iNkosi ithembekile, ezaliqinisa, ililondoloze kokubi. Kepha siyethemba eNkosini ngani, ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza, niyakukwenza. INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu. Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi. Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu; Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini. kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele. Ngokuba nalapho sikini, saniyala ngalokhu ukuthi: Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.
Funda 2 kwabaseThesalonika 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseThesalonika 3:1-10
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo