2 kwabaseThesalonika 3

3
KwabaseThesalonika 2-3
1Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni, ukuze izwi leNkosi lihambe ngokukhululekile, futhi likhazinyuliswe, njengoba kunjalo nakini.
2nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke.
3Kodwa iNkosi ithembekile, ezaliqinisa, ililondoloze kokubi.
4Kepha siyethemba eNkosini ngani, ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza, niyakukwenza.
5INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu.
6Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi.
7Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu;
8Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini.
9kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele.
10Ngokuba nalapho sikini, saniyala ngalokhu ukuthi: Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.
11Ngokuba siyezwa ukuthi bakhona phakathi kwenu abahamba ngokungafanele, bengasebenzi nhlobo, kodwa begaya izibozi.
12Abanjalo siyabayala, sibayala ngeNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba basebenze ngokuthula, badle okwabo isinkwa.
13Kepha nina, bazalwane, ningakhathali ekwenzeni okuhle.
14Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni.
15Nokho ningamthathi njengesitha, kodwa nimyale njengomzalwane.
16Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke ngezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.
17Isibingelelo sikaPawulu ngesami isandla, esiwuphawu ezincwadini zonke;
18Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (Incwadi yesibili eya kwabaseThesalonika yayibhalwe e-Athene.)

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseThesalonika 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo