1 kwabaseKorinte 14

14
1 kwabaseKorinte 14
1Landelani uthando, nithande iziphiwo zomoya, kodwa kakhulu ukuba niprofethe.
2Ngokuba okhuluma ngezilimi akakhulumi kubantu, kodwa kuNkulunkulu; kodwa ngomoya ukhuluma izimfihlakalo.
3Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.
4Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla.
5Ngiyathanda ukuba nonke nikhulume ngezilimi, kodwa kakhulu ukuba niprofethe, ngokuba oprofethayo mkhulu kunalowo okhuluma ngezilimi, uma engahumushi, ukuze ibandla lakheke.
6Manje, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambulelwa, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngesifundiso na?
7Nezinto ezingenakuphila ezikhalayo, noma umtshingo noma ihabhu, uma zingahlukanisi ukukhala, kuyokwaziwa kanjani okubethwayo noma okubethwa ngehabhu na?
8Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani ongazilungisela ukulwa na?
9Kanjalo nani, uma ningakhulumi ngolimi amazwi aqondakalayo, kuyokwaziwa kanjani okukhulunywayo na? ngoba lizakhulumela emoyeni.
10Kukhona, noma kungenzeka, imihlobo eminingi kangaka yokukhuluma emhlabeni, futhi akukho neyodwa kuzo engasho lutho.
11Ngakho uma ngingazi incazelo yezwi, ngiyoba ngowezizwe kokhulumayo, nokhulumayo uyakuba ngowezizweni kimi.
12Kanjalo nani, lokhu nishisekela iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nabengeziwe, kwakhiwe ibandla.
13Ngakho-ke okhuluma ngezilimi makakhulekele ukuba ahumushe.
14Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.
15Kuyini pho? ngiyakukhuleka ngomoya, ngikhuleke nangengqondo futhi, ngihube ngomoya, ngihube nangengqondo futhi.
16Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na?
17Ngokuba nempela wena ubonga kahle, kepha omunye akakhiwa.
18Ngiyambonga uNkulunkulu wami, ngokuba ngikhuluma ngezilimi kakhulu kunani nonke;
19Kodwa ebandleni kungcono ngikhulume amazwi amahlanu ngengqondo yami, ukuze ngifundise labanye, kulokukhuluma amazwi azinkulungwane ezilitshumi ngendimi.
20Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.
21Kulotshiwe emthethweni ukuthi: “Ngabezinye izilimi nangezinye izindebe ngiyakukhuluma kulababantu; kepha nokho konke lokho abayikungizwa, isho iNkosi.
22Ngakho-ke izilimi ziyisibonakaliso kwabakholwayo, kungesikho kwabakholwayo, kepha ukuprofetha akusikho okwabangakholwayo kodwa okwabakholwayo.
23Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bakhulume bonke ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?
24Kepha uma bonke beprofetha, kungene ongakholwayo noma ongafundile, uyovunywa yibo bonke, ahlulelwe yibo bonke;
25ngokunjalo izimfihlo zenhliziyo yakhe zibonakaliswa; kanjalo uyakuwa ngobuso bakhe, akhuleke kuNkulunkulu, asho ukuthi uNkulunkulu phakathi kwenu ngeqiniso.
26Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.
27Uma umuntu ekhuluma ngezilimi, kakube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane; omunye atolike.
28Kepha uma kungekho umhumushi, makathule ebandleni; futhi makakhulume yedwa, futhi noNkulunkulu.
29Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele.
30Uma kwembulwa utho komunye ohlezi khona, makathule owokuqala.
31Ngokuba ningaprofetha nonke ngabanye ngabanye, ukuze bonke bafunde, baduduzwe bonke.
32Imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi.
33Ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ngowokuthula, njengakuwo wonke amabandla abangcwele.
34Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho.
35Uma befuna ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya, ngokuba kuyihlazo kwabesifazane ukukhuluma ebandleni.
36Yini? izwi likaNkulunkulu laphuma kini na? noma lafika kinina nodwa na?
37Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kuyimiyalo yeNkosi.
38Kepha uma umuntu engazi, makangabi nakwazi.
39Ngakho-ke, bazalwane, fisani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.
40Konke kakwenziwe ngemfanelo langokulandelana.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 14: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo