1 kwabaseKorinte 13

13
1 kwabaseKorinte 13
1Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
2Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
3Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
4Uthando luyabekezela, lunomusa; uthando alunamhawu; uthando aluzikhukhumezi, aluzikhukhumezi;
5Aluziphathi okungafanele, aluzifuneli okwalo;
6Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
7lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
8Uthando alusoze lwaphela; noma kukhona izilimi, ziyakunqamuka; noma kukhona ukwazi, kuyakunyamalala.
9Ngokuba siyazi inxenye, siprofetha inxenye.
10Kepha nxa kufika okupheleleyo, okuyinxenye kuyakuqedwa.
11Lapho ngisengumntwana, ngakhuluma okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindla okomntwana;
12Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa.
13Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 13: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo