KwabaseRoma 12:9-19

KwabaseRoma 12:9-19 ZUL20

Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle. Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni, ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; ethembeni nithokoze, osizini nibekezele, nasekukhulekeni ningaphezi, nifune njalo ukuhlanganyela ekusweleni kwabangcwele, nisize nabayizihambi. Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi. Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:9-19