AMahubo 13:1-3

AMahubo 13:1-3 ZUL20

Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na? Kuyoze kube nini ngithwele ubuhlungu emphefumulweni wami, nosizi enhliziyweni yami, usuku lonke na? Kuyoze kube nini isitha singiqonela na? Ngibheke, ungiphendule, Simakade, Nkulunkulu wami. Letha injabulo emehlweni ami, ngingaze ngilale ubuthongo bokufa