Ukuhlakanipha kuyampongoloza emigwaqweni, kuyaqandula ezigcawini. Kumemeza ezinkundleni nasemasangweni omuzi, kukhuluma kuthi: “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na? Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami. Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake. Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami. Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo. Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelelo yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela, khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane, ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade. Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami. Ngakho-ke bazokuvuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo. Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa. Kodwa lowo ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi.”
Funda IZaga 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZaga 1:20-33
31 Days
The Bible tells us that "in His presence is fullness of joy" and that "the joy of the Lord is our strength". Joy isn't simply another emotion; it is a fruit of the Spirit and one of the best weapons in your arsenal to fight against discouragement, depression, and defeat. Learn what the Bible has to say about joy, and strengthening yourself to become a defiantly joyful Christian.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo