Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu. Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen. Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKhristu uJesu. Abazalwane abanami lapha bayakhonza kini. Bayakhonza bonke abazalwane abangcwele, ikakhulu abendlu kaKhesari. Umusa weNkosi uJesu Khristu mawube nomoya wenu.
Funda KwabaseFiliphi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseFiliphi 4:14-23
7 Days
Lent: a 40-day season of reflection and repentance. It’s a nice thought, but what does practicing Lent actually look like? Over the next 7 days, discover five spiritual habits you can start doing during Lent to help you prepare your heart for Resurrection Sunday—and beyond.
31 Days
The Bible tells us that "in His presence is fullness of joy" and that "the joy of the Lord is our strength". Joy isn't simply another emotion; it is a fruit of the Spirit and one of the best weapons in your arsenal to fight against discouragement, depression, and defeat. Learn what the Bible has to say about joy, and strengthening yourself to become a defiantly joyful Christian.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo