UJeremiya 23:1-8

UJeremiya 23:1-8 ZUL20

“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade. Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade. “Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade. “Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni. Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “abangasayukusho ngazo bathi: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owakhuphula abakwa-Israyeli eGibhithe,’ kodwa bayothi: ‘Ngifunga uSimakade, owakhuphula, wabahola abozalo lwendlu ka-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke, lapho ngangibaxoshele khona.’ Bayakuhlala ezweni lakubo.”