UJeremiya 23:1-8
UJeremiya 23:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Maye, kubelusi ababhubhisa, bahlakaze izimvu zedlelo lami!” kusho uSimakade. Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nizihlakazile nazixosha izimvu zami, anizinakekelanga. Bhekani, ngizonijezisa ngenxa yobubi bezenzo zenu,” kusho uSimakade. “Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade. “Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakumvusela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ubulungiswa nokulunga ezweni. Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “abangasayukusho ngazo bathi: ‘Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owakhuphula abakwa-Israyeli eGibhithe,’ kodwa bayothi: ‘Ngifunga uSimakade, owakhuphula, wabahola abozalo lwendlu ka-Israyeli enyakatho nasemazweni wonke, lapho ngangibaxoshele khona.’ Bayakuhlala ezweni lakubo.”
UJeremiya 23:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova. “Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande. Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova. “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni. Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU. “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’ kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”
UJeremiya 23:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Maye kubelusi abachitha futhi bahlakaze izimvu zedlelo lami! kusho uJehova. Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli mayelana nabelusi abelusa abantu bami; Wahlakaza izimvu zami, wazixosha, awuzihambelanga; bhekani, ngiyakunihambela ngobubi bezenzo zenu,” usho uJehova. Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke engizixoshele kuzo, ngizibuyisele ezibayeni zazo; bayakuzala, bande. Futhi ngiyobeka phezu kwazo abelusi abayozalusa; futhi ngeke besabe noma besabe, futhi ngeke baswele,” kusho uJehova. Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuvusela uDavide iHlumela elilungileyo, kube yinkosi eyakubusa, ibe nempumelelo, yenze ukwahlulela nokulunga emhlabeni. Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU. Ngakho-ke, bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho abangasayikusho ukuthi: Kuphila kukaJehova owakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe; Kepha kuphila kukaJehova owakhuphula inzalo yendlu yakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nakuwo onke amazwe engabaxosha kuwo; futhi bayohlala ezweni lakubo.