Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu. Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.” Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na? Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na? Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na? Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle. Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, umthetho univeza obala njengezephulamthetho.
Funda EkaJakobe 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: EkaJakobe 2:1-9
4 Days
Many people settle for racial tolerance instead of oneness. We’ll indulge differing races. Maybe we’ll even attend racial rallies. But when the event is over, we go our separate ways. This shows us that it takes more than a smile, handshake and a friendly “hello” to bridge this racial gap. In this 4-day reading plan, Dr. Tony Evans will take you on a journey toward biblical unity.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo