ULabani wayenamadodakazi amabili, igama lenkosazana kwakunguLeya, elikathunjana kunguRaheli. ULeya wayenamehlo ayebuthakathaka kanti uRaheli wayemuhle ngesimo ebukeka kahle. UJakobe wamthanda uRaheli, wayesethi kuLabani: “Ngizokukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.” ULabani wathi: “Kungcono ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda. Hlala nami.” UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa. UJakobe wayesethi kuLabani: “Nginike umkami ukuze ngilale naye, ngokuba sesiphelile isikhathi esasivumelene ngaso.” ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili. Kepha kusihlwa wathatha indodakazi yakhe uLeya wayiyisa kuJakobe; uJakobe walala nayo. ULabani wanikela isisebenzi sakhe uZilipha ukuba sibe yisisebenzi sendodakazi yakhe uLeya. Ekuseni wabona ukuthi ubelele noLeya. UJakobe waya kuLabani wathi kuye: “Yini lena oyenze kimi na? Angikusebenzelanga yini ukuze ngithole uRaheli na? Ungikhohliseleni na?”
Funda IGenesisi 29
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 29:16-25
7 Days
Whether you’re experiencing the loss of a friendship, a broken dream, or a breakup—experiencing heartbreak can be confusing and challenging. In this 7-Day Bible Plan, you’ll learn how to tend to your broken heart God’s way.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo