Kwabase-Efesu 6:10-18

Kwabase-Efesu 6:10-18 ZUL20

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane. Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo