Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onomhawu okungukuthi okhonza izithombe, oyoba nefa embusweni kaKhristu noNkulunkulu. Maningakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalokho ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo. Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo eNkosini. Ningahlanganyeli emisebenzini yobumnyama engenazithelo, kodwa kunalokho niyidalule, ngokuba lokho okwenziwa esithe kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngakho, kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala, ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.” Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya
Funda Kwabase-Efesu 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 5:5-18
4 Izinsuku
Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.
7 Days
This 7-day devotional will help you understand why your salvation in Christ is secure and embrace the kind of life God desires you to live.
21 Days
Ephesians is rich with truths about God and his saving work in us. This plan is designed to help you dig deeper into this text, while learning more about God and yourself. The daily six step rhythm will help you to establish a habit of reading and engaging with God’s Word. This plan is brought to you by the Christian Standard Bible (CSB). Learn more at CSBible.com.
In the 21 Days to Overflow YouVersion plan, Jeremiah Hosford will take readers on a 3-week journey of emptying themselves of themselves, being filled with the Holy Spirit, and living out an overflowing, Spirit-filled life. It’s time to stop living normally and start living an overflowing life!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo