UZakariya 11

11
Ukuwa kwemithi emihle
1Vula iminyango yakho, Lebanoni,
ukuba umlilo udle imisedari* yakho.
2Hhewula, msayipuresi,*
ngokuba umsedari* uyawa,
ngokuba emihle iyachithwa;
hhewulani nina ma-oki* aseBashani,
ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.
3 Izwi lokukhala kwabelusi!
ngokuba udumo lwabo luyachithwa;
izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama!
ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.
Abelusi bakwa-Israyeli
4Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa, 5 ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli. 6 Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”
7Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa, izimvu ezihluphekayo. Ngazithathela izintonga ezimbili, enye ngayibiza ngokuthi uMusa, nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu. 8Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo. 9Ngase ngithi: “Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.”
10Ngase ngithatha induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke. 11Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.
12 Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani.” Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.
13 Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
14Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula. 16 Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.
17 “Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu!
Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene;
ingalo yakhe iyakubuna nokubuna,
neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”

Okuqokiwe okwamanje:

UZakariya 11: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo