UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli. Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.” UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe. Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.
Funda URuthe 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: URuthe 4:13-17
7 Days
Perhaps one of the most impressive short stories of all time, the book of Ruth is an account of God’s redeeming love. The book of Ruth is a fantastic story of how God uses the lives of ordinary people to work His sovereign will. With beautiful allegories of Christ’s love and sacrifice for His people, we are shown the lengths God goes to redeem His children.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo