URuthe 3:10-13

URuthe 3:10-13 ZUL59

Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile. Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo. Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami. Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”

Funda URuthe 3