KwabaseRoma 8:15-17

KwabaseRoma 8:15-17 ZUL59

Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.