Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina. Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje; akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
Funda KwabaseRoma 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 8:12-25
5 Days
With eight billion people living in the world, there’s no one who will completely agree with you on everything. Our viewpoint on social injustices, politics, current events, and religion is uniquely ours. But even in our differences, we can and should find common ground. In this 5-day Plan, you’ll learn how to love, respect, and empathize with people by speaking truth with grace and gentleness.
7 Days
It’s all in your head. But what if that’s a good thing? Our thoughts are more than a reaction to what’s happening in our lives—they’re a powerful force for shaping who we are and who we can become. Learn from everyday people like you how you can use the powerful truth of Romans 12:2 to unleash the mastermind inside you.
It weighs you down. It keeps people out. It’s heavy and painful—it’s the grudge. Many of us may not realize it, but we’re carrying grudges that need to come out of darkness and into the light. Learn how you can find freedom through forgiveness in this 7-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, The Grudge.
The disciplines you develop today determine the stories you tell tomorrow. So, how do you feel about the story you’re telling? In this 7-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s Greater Reward message series, we’ll discover what discipline is, why it matters, and how to incorporate it in our physical, mental, and spiritual lives.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo