Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini. Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!” Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina. Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze, kungengentando yakho kodwa ngaye owakubekayo, ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje; akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela. Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu. Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
Funda KwabaseRoma 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 8:10-28
4 Days
Optimism doesn’t depend on what we see—it stems from what God says. This four-day Bible Plan from Life.Church unwraps eight reasons from Romans 8 to remain unwaveringly optimistic. Start reading part one of the six-part Stay Positive series.
5 Days
Encouragement from a mom who launched her seven children and lived to tell about it. Part 5 of 12 devotionals in this series from Robin Meadows!
The world’s peace is different from God’s peace. Worldly peace is temporary and dependent upon circumstances. God’s peace offers a permanent solution, which is salvation through Jesus and His presence in our lives. In this Plan, we’ll dive into what God’s peace truly means and how we can experience it in our lives.
With eight billion people living in the world, there’s no one who will completely agree with you on everything. Our viewpoint on social injustices, politics, current events, and religion is uniquely ours. But even in our differences, we can and should find common ground. In this 5-day Plan, you’ll learn how to love, respect, and empathize with people by speaking truth with grace and gentleness.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo