Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa. Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni, ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina esingahambi ngokwenyama kepha ngokukaMoya. Ngokuba abokwenyama banaka okwenyama, kepha abakaMoya banaka okukaMoya. Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula. Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze; abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu. Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini. Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama. Ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
Funda KwabaseRoma 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 8:1-13
4 Days
Optimism doesn’t depend on what we see—it stems from what God says. This four-day Bible Plan from Life.Church unwraps eight reasons from Romans 8 to remain unwaveringly optimistic. Start reading part one of the six-part Stay Positive series.
5 Days
Vance K. Jackson leads readers in this powerful and liberating devotional. Choose to Love. Choose to Love in times of chaos. Choose to Love in times of turmoil. Choose to Love when it’s inconvenient. Love when it’s not expedient. Choose to reflect the Love of Christ at all times. Let Christ lead and soften your heart as you read this rich and life-transforming message.
7 Days
We're always told, "It's just another part of life," but trite sayings don't make the sting of losing a loved one any less painful. Learn to run to God when facing one of life's most difficult challenges.
There are at least seven major aspects of wholeness involved in seeking God’s best for your emotional life. You don’t need to take these in sequence. Join Dr. Charles Stanley as he helps you build key habits into your life that will help you become increasingly whole in your spirit and emotions. Discover more reading plans like this one at intouch.org/plans.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo