“Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe. Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino. “Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango. Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga. “Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.” UMoya nomlobokazi bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.
Funda IsAmbulo 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IsAmbulo 22:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo