IsAmbulo 2:12-17

IsAmbulo 2:12-17 ZUL59

“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi: Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka-Antipase, ufakazi wami, othembekayo wami, owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona. “Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe. Futhi-ke nawe unabo ababambisisa isifundiso samaNikolawu ngokunjalo. Ngakho-ke phenduka; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe masinyane, ngiyakulwa nabo ngenkemba yomlomo wami. “Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana* elifihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, nasetsheni kulotshiwe igama elisha elingaziwa muntu, ngolamukelayo kuphela.