AmaHubo 95

95
Ukubonga nokulalela uNkulunkulu
1 Wozani simhubele uJehova,
sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.
2Masize phambi kobuso bakhe ngokubonga,
sihlabelele kuye ngamahubo.
3 Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu,
uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
4Esandleni sakhe kukhona ukujula komhlaba;
iziqongo zezintaba ngezakhe nazo.
5Ulwandle ngolwakhe, walwenza;
nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba.
6 Wozani; masikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu.
7 Ngokuba yena unguNkulunkulu wethu,
thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.
Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba,
njengasosukwini lwaseMasa ehlane,
9 lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya,
babona umsebenzi wami.
10 Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane,
ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile,
abazazanga izindlela zami,”
11 engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi:
“Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 95: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo