AmaHubo 93
93
UJehova uyinkosi
1UJehova uyinkosi,
wembethe ubukhosi;
uJehova wembethe, ubhince amandla.
Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.
2 Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo;
wena ukhona kwaphakade.
3 Imifula iphakamisile, Jehova,
imifula iphakamisile ukuholoba kwayo;
imifula iphakamisa ukuduma kwayo.
4 UJehova ophakeme unamandla
kunokuholoba kwamanzi amaningi,
kunokuduma kwamadlambi olwandle.
5 Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.
Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova,
kuze kube phakade.
Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 93: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
![None](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F58%2Fhttps%3A%2F%2Fweb-assets.youversion.com%2Fapp-icons%2Fzu.png&w=128&q=75)
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.