Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho. Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.” Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi: “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela* Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa. Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa. Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo. Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho. Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme. Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke; ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu. Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’ Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu.
Funda AmaHubo 89
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 89:1-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo