Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa. INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na? Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na? UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela* Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.” Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho. Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni; ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na? Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso; amandla akho uwazisile ezizweni. Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho, amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*
Funda AmaHubo 77
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 77:5-15
7 Days
What if doubt isn’t the opposite of faith but a doorway to a deeper faith? In this 7-day Bible Plan accompanying Pastor Craig Groeschel’s message series, Doubting God, we’ll discover that doubts don’t make you a bad Christian. In fact, they might just be a necessary ingredient to discipleship.
12 Days
This Bible Plan is for anyone who’s hurting and doesn’t understand why. If you’ve lost something, someone, or your faith feels stretched to the breaking point, then this Bible Plan from Life.Church Pastor Craig Groeschel’s book, Hope in the Dark, might be exactly what you need. If you want to believe, but you’re not sure how, this is for you.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo