AmaHubo 73:16-28

AmaHubo 73:16-28 ZUL59

Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami, ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami, ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.