AmaHubo 73:15-28

AmaHubo 73:15-28 ZUL59

Uma bengithe, ngizakukhuluma kanjalo, bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami, ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu, ngaqaphelisisa ukugcina kwabo. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; ubawisa babe yincithakalo. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu, kuhlaba ezinsweni zami, ngaba yisiphukuphuku, angaqonda lutho; ngaba yisilwane kuwe. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo; ungibambile ngesandla sami sokunene. Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni. Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.