Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo. Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba. Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze. Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho, Nkulunkulu wami, ngogubhu lwezintambo; ngizakukudumisa ngehabhu* wena oNgcwele ka-Israyeli. Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo.
Funda AmaHubo 71
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 71:18-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo