AmaHubo 66:10-20

AmaHubo 66:10-20 ZUL59

Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni. Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni. Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela* Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami. Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.