AmaHubo 66:10-12

AmaHubo 66:10-12 ZUL59

Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu. Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.