AmaHubo 63:1-4

AmaHubo 63:1-4 ZUL59

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona. Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa. Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.