Nkulunkulu usilahlile, usichithile; mawubuye usilulamise. Uzamazamisile umhlaba, wawudabula izimfa; zivale izimfa zawo, ngokuba uyazamazama. Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela. Abakwesabayo ubanike ibhanela* ukuba liphakanyiswe ngenxa yeqiniso. Sela* Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe, sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele. UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba; ngiyakulidabula iShekemi, ngisilinganise isiGodi saseSukoti. Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.” Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na? Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na? Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu. Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize. NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.
Funda AmaHubo 60
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 60:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo