AmaHubo 56

56
Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.
1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,
ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;
usuku lonke bayangicindezela belwa.
2 Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;
ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
3Mhla ngesabayo
ngiyakwethemba wena.
4 KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?
5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;
yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6Bayabuthana, baqamekele,
baqaphele izinyathelo zami,
njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7 Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?
Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.
8 Ukuzula kwami ukubalile wena;
yetha izinyembezi zami egabheni lakho;
azikho encwadini yakho na?
9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;
ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;
kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11 Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?
12 Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;
ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13 Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni
nezinyawo zami ekuweni,
ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu
ekukhanyeni kwabaphilayo.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 56: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo