AmaHubo 36

36
Ububi babantu nomusa kaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova.
1 Inkulumo yesiphambeko komubi,
isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:
Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2 Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,
ukuze kungafunyanwa,
azondeke ngakho.
3Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;
ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4 Uceba okubi ecansini lakhe,
uzimisa endleleni engalungile;
okubi kakwenyanyi.
5 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
6 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,
ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;
usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7 Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;
abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8 Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,
ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9 Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;
ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
10Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,
nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;
nesandla somubi masingangixoshi.
12 Bheka, bawile abenza okubi;
bawiswe phansi, abasenakuvuka.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 36: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo