AmaHubo 30:2-5

AmaHubo 30:2-5 ZUL59

Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini. Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele. Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.