AmaHubo 3:3-7

AmaHubo 3:3-7 ZUL59

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela* Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke. Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

Funda AmaHubo 3