AmaHubo 3:1-8

AmaHubo 3:1-8 ZUL59

Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo. Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela* Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela* Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke. Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile. Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Funda AmaHubo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo