AmaHubo 3:1-6

AmaHubo 3:1-6 ZUL59

Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo. Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela* Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela* Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.

Funda AmaHubo 3