Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo. Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela* Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami. Ngezwi lami ngiyakhala kuJehova; yena uyangiphendula esentabeni yakhe engcwele. Sela* Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.
Funda AmaHubo 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 3:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo