AmaHubo 27

27
Ukujabulela uNkulunkulu nezwi lakhe
ElikaDavide.
1UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?
2Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami
abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.
3 Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba.
4 Kunye engikucele kuJehova,
ngiyakufuna khona:
ukuba ngihlale endlini kaJehova
izinsuku zonke zokuphila kwami
ukubona ubuhle bukaJehova,
ngibuke ithempeli lakhe.
5 Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe
ngosuku lokuhlupheka,
angicashise ekusithekeni kwetende lakhe,
angiphakamisele edwaleni.
6Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakama
ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo;
ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe,
ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.
7Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu;
yiba nomusa kimi, ungiphendule.
8 Kuwena othi: “Funani ubuso bami,”
inhliziyo yami ithi:
“Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”
9 Ungafihli ubuso bakho kimi,
ungaxoshi inceku yakho ngokuthukuthela;
wena ulusizo lwami, ungangilahli,
ungangishiyi,
Nkulunkulu wensindiso yami.
10Ngokuba ubaba nomame bangishiyile,
kodwa uJehova uzakungamukela.
11 Ngifundise indlela yakho, Jehova,
ungihole endleleni ekhanyayo
ngenxa yezitha zami.
12 Unganginikeli entandweni yezitha zami;
ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha
ukudlozomela.
13 Yeka, uma bengingathembanga ukubona
okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!
14 Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.

Okuqokiwe okwamanje:

AmaHubo 27: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo