AmaHubo 23:1-4

AmaHubo 23:1-4 ZUL59

UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.