AmaHubo 19:7-13

AmaHubo 19:7-13 ZUL59

Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo. Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke. Inxanelekile kunegolide, kunegolide elihlanzekileyo eliningi; imnandi kunezinyosi, kunoju lwamakhekheba. Nenceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu. Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo. Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.