Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
Funda AmaHubo 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 18:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo